Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Kwabase-Efesu 2:8-9
"Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: 'Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.' NgokukaLuka 18:13
"Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdondana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdondana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. NgokukaJohane 3:16-17
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala. 1 KwabaseKorinte 10:13
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 8:38-39
Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. KwabaseRoma 10:4
Ngokuba uthi: "Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;" bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso;- 2 KwabaseKorinte 6:2
Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: "Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?" UPetru wayesethi: "Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Izenzo 2:37-38
Nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso. Kwabase-Efesu 4:24
Njengokuba kulotshiwe ukuthi: "Akakho olungileyo, akakho noyedwa; KwabaseRoma 3:10
Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile; KwabaseRoma 5:12
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; KwabaseRoma 5:6
Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. KwabaseRoma 5:8
Eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu KwabaseRoma 1:4
Sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. KwabaseRoma 6:9
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; KwabaseRoma 10:9
Ngokuba "bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa." KwabaseRoma 10:13
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 8:38-39