/1 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana
yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa
abe-nokuphila okuphakade.
UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: Ngikuthandile ngothando oluphakade;
ngalokho ngikudonsile ngomusa.
NakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi
omhlaba; Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe.
Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi,
siseyizoni, uKristu wasifela.
Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe
sesifikile ukuba amuke kulelizwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni
wabathanda kwaze kwaba-sekupheleni.
Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa
yabahlobo bakhe.

/2 Lokhu konke kwenzeka ukuba kugewaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi
ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama
lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi.